Kubhekwe isinqumo senkantolo eGibhithe
2013-01-15 14:06
Cairo - INkantolo ePhakeme eGibhithe kulindeleke ukuthi inqume noma kumele sihlakazwe yini isiqhoqho seqembu lamaSulumane sikanye noMthethosisekelo ekulindeleke ukuthi uphasiswe.
Izinhlangano nabantu abaningi bezwe babambe imbhikisho ngaphandle kweSupreme Constitutional Court (SCC), eNile, besaqhubeka nokukhombisa ukuphikisana naloMthethosisekelo ongundabamlonyeni.
Angu-270 amalungu eqembu iShura Council, ahlangene nedlanzana leqembu likaMengameli uMohammed Morsi, kwabhalwa uMthethosisekelo osumise ngezinyawo iGibhithe.
Abantu bezwe bakhala ngokuthi uMthethosisekelo uchemile njengoba ubhalwe ngabantu abasohlangothini olulodwa, okuwuhlangothi lwabenkolo yamaSulumane, bathi uMthethosisekelo unokwenzelela kubantu bale nkolo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- AFP