Kubheduke udlame eDRC
2012-11-16 07:25
Kinshasa - Abalelwa ku-113 amavukelambuso eM23 ashone ngesikhathi etholana phezulu namasosha aseDemocratic Republic of Congo, kulandela ukuthi iMelika ne-United Nations ifakele umholi wale nhlangano unswinyo.
Lezi zidubedube zangoLwesine edolobheni iGoma ziza ngemuva kosuku i-UN ithe iqulu lamadoda ayehlomile selibulale abantu abangu-200 okubalwa nezingane phakathi kuka-Ephreli noSepthemba.
UJulien Paluku, noyisikhulu esifundeni esicebe ngezimbiwa phansi, iNorth Kivu uthe kulimale nedlanzana lamasosha kulolu dlame.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP