Kubanjwe umthunzi wezinkukhu eZimbabwe

2013-01-16 14:04

Harare - Amaphoyisa aseZimbabwe athi aseshaqe umthunzi wezinkukhu ongama-ton amane, obukade uthwelwe yiloli elisuka eMalawi.

Izikhulu zamaphoyisa zithi iloli ebelihamba ligadwe ngamatekisi amaibili lime entshonalanga neHarare, belilayishwe amasaka ensangu amane, esongwe ngamaphepha kasikilidi owejwayelekile.

Umshayeli odabuka eMalawi, uboshiwe, iloli belilibangise kuleli laseNingiizmu Afrika.

Abanye abasolwa bakwazile ukuphunyuka babaleke, lokhu kushaqwa kwezidakamizwa kuchazwe njengokukhulu eZimbabwe.

IMalawi yaziwa ngokutshala insangu ekhula kahle, kangangoba iteketiswa ibizwe nge"Malawi Gold", abantu abaningi abathengisa insangu kuthiwa bayayithanda eyaseMalawi.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...