Kubanjwe iziqhumane zeBoko Haram
2012-11-30 16:47
Kaduna - Amasosha aseNigeria abambe iziqhumane ekukholakala ukuthi ngezabe qembu iBoko Haram, ebezigqunywe ndawanathize edolobheni iZaria, kusho umbutho ngoLwesihlanu.
"Ngesikhathi kuhlasela amasosha esesha, athole ibhomu kanye nezinye iziqhumane ebezibukeka zilungeke ukusebenza," kuqhuba isitatimende.
Amaphoyisa ashaqe imbazo, amagalani kapende, amagalani kawoyela kanye nezinye izinto eziningi, kuboshwe umuntu waba munye kwase kucekelwa phansi ibhilidi.
"Umsolwa oneminyaka engu-60 ubudala u-Umaru Mohammed uboshiwe, uzobhekana necala lobuphekula."
Isifundazwe iKaduna, ekukhona kuso idolobha iZaria, like lahlasela kakhulu yizehlakalo ekusolwe kuzo abeBoko Haram.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).