Kenya: Abekho abesifazane abathunjiwe

2014-06-18 14:03

Nairobi - Izikhulu zaseKenya ziyiphikile imibiko ethi kunabesifazane abathunjiwe ngesikhathi kuhlaselwa edolobheni iMpeketoni nakwezinye izindawo ezigudle ugu ezweni.

Imibiko ecaphuna izakhamuzi, ithe abahlaseli bathumbe abesifazane abangu-12 ngemuva kokubulala abantu abangaphezu kuka-60 kulezi zidubedube ezenzeke izinsuku zilandelana.

"Abesifazane abazange bahlaselwe, le mibiko ingamanga," kusho inhloko yamaphoyisa eKenya, uDavid Kimaiyo, nohambele leya ndawo.

Esinye isikhulu, esingumsizi kakhomishana wamaphoyisa, uBenson Maisori, uthe uphenyo lutshengisa ukuthi abahlaseli bebeqondene ngqo nabantu besilisa.

"Kuyinto engekho ukuthi kukhona abesifazane abathunjiwe. Okwenzekile ukuthi abahlaseli bebephuma bengena emizini yabantu bethatha ngenkani amadoda," esho.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...