Izothola amabhonasi iNigeria uma idla umhlanganiso

2012-11-20 16:23
Yabelani Shicilela

Lagos - AbeNigerian Football Federation bathi iqembu lesizwe laseNigeria lizophiwa ibhonasi ka-$90 000, uma kwenzeka linqoba umdlalo we-African Cup of Nations, ngonyaka ozayo.

Umkhulumeli we-NFF u-Ademola Olajire uthe abadlali bazothola u-$10 000, uma iqembu lidlulele phambili emdlalweni wamaqembu, banikwe u-$15 000 uma bedlula kuma-quarter finals, kube ngu- $20 000 uma benqoba owandulela owamanqamu, ekugcineni babhonase ngo-$25 000 uma bedla umhlanganiso.

UNobhala uMusa Adamu uthi ngale mali bahlose ukufaka umfutho kubadlali, uthi bafuna ukuthi bazigqaje ngezwe iNigeria.

Izikhulu lezi aziphumelanga obala ukuthi izotholakala kanjani imali yokubhansela abadlali.

INigeria seyanqaoba lo mqhudelwano kwaze kwaba kabili.
 




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 15-22°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Cool. PE: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...