Izinkulungwane ezidingayo e-DRC
2012-12-14 07:21
Kinshasa - Bangaphezu kuka-900 000 abantu abasale bengomantuntanendishi kulandela udlame oluqubuke esifundazweni iNorth Kivu, eDemocratic Republic of Congo, kusho izikhulu ze-UN.
Ngo-Ephreli lesi sibalo sasimi ku-500 000.
Imbangela yokunyuka kwaso ukusabalala kwezibhelu phakathi kwamasosha kahulumeni namavukelambuso e-M23 eGoma, kusho uGert Weskereen we-UNHCR.
IGoma yathathwa ngamaphekulazikhuni ngoNovemba 23, kodwa agcina ngokuhamba kulandela ingcindezi evela emazweni angomakhelwane.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP