Izigayigayi 'zishise amasonto nemingcele' eNigeria
2012-12-03 07:28
Kano - Abasolwa ngokuba ngamalungu enhlangano yamaphekulazikhuni yamaSulumane iBoko Haram bashise amasonto nemingcele enyakatho mpumalanga neNigeria, kodwa akucacanga noma bakhona yini abalimele nabashonile.
Oshayasibhamu ababalelwa ku-50 abebehamba ngezimoto nangezithuthuthu bahlasele amasonto amathathu nomngcele ohlukanisa izwe neCameroon, kusho izakhamuzi.
“Oshayasibhamu ekukholelwa ukuthi ngabeBoko Haram bagasele ngezithuba zawo-08:30, bokhela ngomlilo izindlu zokukhonzela base bedlulela phambili," kusho isakhamuzi uModugana Ibrahim.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA