Iziboshwa zincishwa ama-ARVs - Umbiko
2012-12-04 07:29
Lusaka - INkantolo eNkulu eZambia ilalele ukuthi iziboshwa eziphila nesandulela ngculazi zincishwa imishanguzo ethithibalisa lesi sifo emzimbeni kanti azikutholi nokudla okunomsoco, ngesikhathi kuvulwa leli cala elilwela amalungelo abantu.
Isiboshwa uGeorge Mwanza usola izikhulu ngokuhlukumeza ilungelo lakhe nelezinye iziboshwa eziphila nalo bhubhane ngokuhluleka ukubanakekela ngendlela efanele.
“Ngiyanqatshelwa ukuba ngithole ama-anti-retroviral kanjalo nokuhambela umtholampilo,” kusho uMwnaza
Ä nolinde ukuthetha icala lokulala nengane engaphansi kweminyaka engu-16 ubudala.
UPriti Patel weSouthern Africa Litigation Centre uthe leli yicala lokuqala lalolu hlobo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA