Iyazihlangula eyamabhanoyi eNigeria
2012-06-07 10:02
Lagos – Inkampane yezindiza yaseNigeria, indiza yayo ephahlazeke yabulala abantu abangu-153 abebesebhanoyini kanye nabanye ababesendaweni yenhlekelele, izihlangulile ngemuva kokugxekwa, yathi isikhulu sayo esiphezulu sezobunjiniyela sishonile naso kulenhlekelele.
UFrancis Ogboro, oyisikhulu esibheka izindiza zeDana Air, uphinde watshela izintatheli ukuthi i-MD-83 ephahlazeke ngeSonto, ihloliwe njengazozonke ezinye izindiza zenkampane.
Unjiniyela omkhulu ubengeke avume indiza isuke uma ibinenkinga, kusho u-Ogboro ngoLwesithathu.
"Abekho abasebenzi bezindiza abangavuma ukusebenza besencupheni yokufa, " echaza.
NgoLwesithathu abezimo eziphuthumayo bayekile ukuthungatha abashonile kule nhlekelele eyenzeke e-Iju-Ishaga, engumakhelwane ne-Lagos
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
–
Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).