Iyasolisa ekaTsvangirai - Umbiko
2012-11-02 10:32
Harare - UNdunankulu waseZimbabwe uMorgan Tsvangirai uvumile ukukhokhela lowo owayeyintombi yakhe u-R2 million esivumelwaneni esingayibandakanyi inkantolo ngemuva kokushada nomunye wesifazane ngoSepthemba.
ULocardia Karimatsenga, 40, uthe uTsvangirai, 60,
wamshada ngokwesintu ngonyaka odlule.
Ube esenxenxa ukuthi uTvsangirai amukhokhele u-R130 000 ngenyanga ukuze ezokwazi ukuqhubeka nempilo aseyijwayele.
Ummeli wakhe u-Evason Samkange, uthe ngeke akwazi ukudalula imininingwane yalesi sivumelwano, kodwa waqinisekisa ukuthi icala selihoxisiwe.
Amanye amalungu eMDC aveze ukuthi uTsvngirai uzibeka engcupheni ngendlela aziphethe ngayo njengoba kubhekwe okhethweni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24