Iyaqhubeka imibhikisho e-Egypt

2013-02-12 10:02

Cairo - Umbutho wezeokuvikela ufafaze ababhikishi ngamanzi nesisi esikhalisa unyembezi ngaphandle kwekomkhulu njengoba ababhikishi bebegubha unyaka wesibili kwaketulwa uHosni Mubarak, abanye bezwakalisa ulaka ngalowo owathatha izintambo.

Umbutho ubuzama ukuhlakaza isixuku sababhikishi ngoMsombuluko ebusuku, njengoba abanye bebejikijela amatshe bekhala ngokuthi bafuna ushintsho.

Amakhulu abantu bebeqhinqe ngaphandle kwehhovisi lomshushisi omkhulu, benxenxa ukuthi kwenziwe ubulungiswa ngababhikishi ababulawa ngesikhathi ababhikishi betholana phezulu nombutho wezokuvikela ngesikhathi uMengameli Mohammed Morsi ethatha isikhundla.

Abantu bakhala ngokuthi uMorsi wenze izinto zabheda kakhulu ngemithetho yakhe evuna amaSulumane.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...