Isiphinde yabuya i-Ebola e-Uganda

2012-11-15 12:00

Kampala - Izikhulu zaseLuwero zisiqaphile isimo kulandela ukufa kwamalungu amabili omndeni owodwa ebulawa yisifo i-Ebola eNyimbwa, e-Uganda.

Lokhu kwenzeke eSombwe Parish cishe engamakhilomitha angu-40 ukusuka enyakatho yeKampala.

UJoseph Okware, wezempilo esifundeni iLuwero ukuqinisekisile ukushona kwala malungu omndeni ngoLwesithathu.

Uthe uGladys Namakula noRehemah Najjemba abangabasesigodini saseKikyusa bashona bafihlwa ngomhlaka-10 nango mhlaka-12 ngokulandelana kwabo.
 
U-Okware uthe laba kuthiwa lesi sifo basithola kumfowabo owangeniswa esibhedlela ngo-Okthoba.

Sekuphele izinyanga cishe ezimbili leliya lizwe lamenyezelwa njengelingenaso lesi sifo ngabe-World Health Organization (WHO).

U-Okware uthe igazi labashonile lathathwa layohlolwa e-Uganda Virus Research Institute.

Uthe amanye amalungu omndeni nawo angeniswe esibhedlela eBombo Military Hospital.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Passing showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 11-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...