Isiphihli somcimbi wokuzalwa kukaMugabe

2013-02-06 16:23

Cape Town - Aqalile amalungiselelo omcimbi wokubungaza usuku lokuzalwa lulaMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe, ozobe eqeda iminyaka egu-89 edla anhlamvana.

Umbiko wephephandaba iHerald uthi kuhlelwe ukuthi umcimbi lona udle isamba esingu-$600 000, kuzokolekwa iminikelo kubantu bezwe.

Kuhlelwe ukuthi kube nesiphihli sedili enkundleni yezemidlalo iChipadze Stadium, eBindura, mhlaka-23 Febhuwari.

Umcimbi uzokuba ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Youth for Indigenisation, Empowerment, Development and Employment Creation".

Usihlalo wekomidi elihlela umcimbi u-Absolom Sikhosana, akafunanga ukuphumela obala ngezindleko zomcimbi.

"Ikhona imali esesikwaze ukuyihlanganisa, konke kuhamba ngohlelo," echaza.

Kulindeleke ukuthi umcimbi lona uhehe abantu abangaphezu kuka-60 000.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-34°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C Morning clouds. Warm. PE: 15-26°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...