Isikhalo ngokudembesela komthetho eNigeria
2013-02-05 12:01
Lagos – Izwe iNigeria liyehluleka ukuphenya ngezehlakalo zokubulala ezenziwa ngamaphoyisa ngokungemthetho kanti izihlobo zezisulu zisala kanjalo zingatholi ngisho nencazelo, kusho i-Amnesty International embikweni wayo okhishwe ngoLwesibili.
Umbiko wenhlangano yamalungelo abantu ezinze eLondon uze kulandela uphenyo lwango-2009 wezehlakalo zokubulala ngokungemthetho zamaphoyisa minyaka yonke.
"Kusukela eminyakeni emithathu kwenziwa lowo mbiko, ukubulala okwenziwa ngamaphoyisa kuyaqhubeka futhi akulandelelwa, ngokusho kwezihlangano ezizimele zaseNigeria ezifana neLegal Defence kanye ne-Assistance Project," kusho umbiko we-Amnesty.
Esitatimendeni esihambisana nombiko sithe: “izinga lezigameko zokubulala okwenziwa ngamaphoyisa akuphenywa ngenxa yokwehluleka kokusebenza kowemithetho eNigeria.”
Okhulumela amaphoyisa aseNigeria uFrank Mba walile ukuphawula ngesikhathi ethintwa abe-AFP, wathi akakawuboni umbiko.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP