Isigwebo kumakoti nomamezala abashaya umakhwapheni

2015-10-05 11:35

Bulawayo - Owesifazane nomamezala wakhe wakhe bahlanganyele umakhwapheni womyeni okhulelwe bamtalabha kanzima kwaBulawayo, ngokusho kombiko.

Ngokubika kweBulawayo 24 u-Audrey Sibanda oneminyaka engu-29 ubudala nomamezala wakhe uPamela Nyabadza, 50, bahlasela uNomqhele Moyo bamshaya kanzima bemsola ngokushensena nomyeni kaSibanda.  

USibanda utshele inkantolo ukuthi washaya uMoyo ongumakhelwane wakhe ngoba eshendeza nomyeni wakhe.

"Ngamshaya ngoba ngifuna ahlukane nomyeni wami.

OLUNYE UDABA: Usenkingeni odelele umengameli kuWhatsApp

Nginengane enonyaka nomyeni wami kanti uMoyo uyisiphazamiso emshadweni wami," esho enkantolo.

Ngakolunye uhlangothi umamezala unxuse iMantshi uSibongile Msipa- Marondedze  ukuba imehlisele isigwebo ngoba yena akamshayanga kakhulu uMoyo kodwa wamjikijela ngembokodo emhlane kuphela.

Imantshi igwene uSibanda noNyabadza izinyanga ezintathu ezilengisiwe ngenhloso yokuthi bangaphindi benze icala elifanayo.  

Enkantolo kuvele ukuthi uSibanda washaya uMoyo ngenduku ekhanda nasemzimbeni waphinde wamluma nasesifubeni.  

 

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...