Isifo somiyane sibulale abaningi eDarfur

2012-11-07 10:01

Khartoum - Isibalo sabantu okukholakala ukuthi babulawe yisifo somiyane i-yellow fever eDarfur, eSudan, sesifinyelele ku-67, kusho abezempilo ezweni ngoLwesibili.

Umbiko wehhovisi lezempilo noweWorld Health Organisation uthe: "Kusukela ngoNovemba 5, 2012, bangu-194 okubikwe ukuthi bangenwe yilesi sifo, kuhlanganisa nabangu-67 ababulewe yisona."

Kusukela esontweni lokugcina kuSepthemba, kubikwe ngalesi sifo ezifundeni ezingu-17 zaseDarfur.

Ngeledlule ihhovisi lezempilo lithe kubikwe ukuthi bangu-84 abanaso ezifundeni ezimbili kwafa abangu-32.

Izikhulu zilindele imiphumela yocwaningo eSenegal ukuqinisekisa izibalo ukuze kuqaliswe ukusigomela ngoDisemba.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Sunny. Cool. Pta: 17-32°C Showers early. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 15-26°C Showers early. More sun than clouds. Warm. Bloem: 19-35°C Sunny. Extremely hot.
Dbn: 17-28°C Morning clouds. Warm. PE: 19-28°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...