Isibulale 70 imvula eMozambique

2013-01-30 14:04

Maputo - Kushone okungenani abantu abangu-70 kwathi abangaphezu kuka-150 000 basala bedinga eMozambique ngesizini yemvula kulo nyaka, nesuse izikhukhula ezindaweni eziseningizimu nezwe ngesonto eledlule, kusho izikhulu ngoLwesithathu.

Izigameko zokushona kwabantu zakamuva zenzeke enyakatho nesifundazwe iNampula, nalapho kushone khona izingane ezimbili ngesikhathi kuwa umuzi wakubo, ngokusho kokhulumela iMozambique National Disaster Management Institute.

Izikhulu zixwayise ngokuthi izimvula ezinamandla zingase ziqubule izikhukhula enyakatho nasenkabeni yeMozambique.

Kusukela ngo-Okthoba, sekushone abantu abangu-40 bebulawa yizikhukhula kanti abanye babulawa yizilwane zasendle, ukushokhwa ugesi nokuminza.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa-DPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-21°C Rain showers. Morning clouds. Cool. PE: 15-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...