Isibhaxu kowayefuna ukulala nesalukazi ngenkani

2015-03-14 14:04

Harare - Owesifazane waseMasvingo, eZimbabwe, uMartha Zembe, 55, uvele enkantolo ngemuva kokushaya owesilisa, 30, owamupha umango kanti ufuna ukulala naye nendodakazi yakhe.

UZembe uthi u-Amos Magororo, 31, wamupha umango engawucelanga, kwathi ngemuva kwalokho wafuna ukulala naye nendodakazi yakhe ngenkani, kubika i-myzimbabwe.

IMantshi uSibonginkosi Mkandla ube eseyalela uZembe ukuba akhokhe inhlawulo ka-$200 ngokushaya uMagororo.

OLUNYE UDABA: Ucela usizo ohlale ehalela ucansi

Kuthiwa isigameko lesi senzeka ngomhlaka-24 Januwari nonyaka.

UZembe uthi wadinwa wathelwa ngamanzi ngesikhathi ezwa isicelo sikammangali, wase emdumela ehlala phezu kwakhe wamkhanda ngetshe.

"Wangitshela emakhaleni ukuthi ufuna ukulala nami nendodakazi yami,” kusho uZembe ngokudinwa.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...