Isaduvile intatheli yaseSomalia - Inhlangano

2013-02-12 16:16

Mogadishu - Kuboshwe intatheli yaseSomali, kulandela ukukhuluma kwayo ikhombise ukungahambisani nokuboshwa kukazakwabo, oboshwe wangathweswa macala, kusho inhlangano yamalungelo abantu.

UDaud Abdi Daud, selokhu aboshwa mhlaka-5 Febhuwari, ukuboshwa kwakhe kuyindlela yokuthumela umlayezo kwezinye izintatheli zaseSomalia, kusho isitatimende senhlangano iHuman Rights Watch.

Ngokusho kwenhlangano, ukuboshwa kukaDaud kuhlobene nesehlakalo sangesonto eledlule, la khona owesifazane egwetshwe unyaka wonke ebhadla ejele, kulandela ukukhuluma kwakhe athi wadlwengulwa yiphoyisa likahulumeni.

UDaud wabika ngalolu daba, wathi uzocela ukuba nomhlangano nonkosikazi kaMengameli wezwe.

AbeHuman Rights Watch bathi kumele uhulumeni waseSomalia, udedele ngokushesha le ntatheli.

"Kumele bamthwese icala noma bamdedele. Akumele izintatheli zincishwe ilungelo lazo lokukhuluma ngokukhululeka," kusho uLeslie Lefkow, oyiphini lomqondisi weHuman Rights Watch, emazweni ase-Afrika.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...