Inkantolo yaseZim imise ukuvundululwa kwezidumbu

2011-04-08 11:22

Harare - INkantolo ePhakeme yaseZimbabwe iyalele iqeqebana okusolakala ukuthi lonombimbi noMengameli Robert Mugabe ukuthi liyeke ukuvundulula amathambo abantu ekudala bashona nokukholakala ukuthi babulawa ngesikhathi kulwelwa inkululeko yaleliya lizwe ngeminyaka yawo-1970, kusho imibiko ngoLwesihlanu.

IJaji uNicholas Mathonsi uthe inhlangano iFallen Heroes Trust, nokwakuyinhlangano edlelana neqembu likaMugabe, i-Zanu-PF, nawo wonke amalungu alo awayeke ukuvundulula lezi zidumbu.

Le nhlangano iyalelwe ukuthi imise nse ukuvundulula izidumbu emayini angasasetshenziswa eseMount Darwin, eMashonaland Central, noma ikuyiphi enye indawo eZimbabwe, kusho uMathonsi, ngokwemibiko yephephandaba iNewsDay.

Lesi sinqumo silandela isicelo esifakwe omakadebona beZimbabwe Peoples Revolutionary Army, nokungenye yezinhlangano eyaliswana nabamhlophe ngesikhathi kuseyiRhodesia ngeminyaka yo-1970.

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Light rain early. Morning clouds. Mild. Pta: 14-27°C Showery. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 10-20°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. PE: 13-15°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...