Inkantolo ivune i-MPLA e-Angola
2012-09-20 16:19
Luanda - Inkantolo eNkulu yase-Angola isichithile isikhalazo seqembu eliphikisayo mayelana nabathi kwenzeka ngosuku lokhetho lwangomhlaka-31Agasti, olwagcinwa lunqontshwa nguMengameli uJose Eduardo dos Santos.
Inkantolo iphinde yaphasisa imiphumela yokhetho ithi iqembu elibusayo neliholwa nguDos Santos iPeople's Movement for the Liberation of Angola (MPLA), lathola u-71.84%.
Lokhu kusho ukuthi uDos Santos uzoqhubeka nokuhola izwe.
INational Union for the Total Independence of Angola (Unita), ikanye namanye amaqembu amancane amabili, sebehluleke kwaze kwaba kabili ukuzama ukuphikisa ukunqoba kwe-MPLA.
Amaqembu athi kwaba nomkhonyovu ngesikhathi kuqhutshwa ukhetho.
Isikhulu enkantolo uLuis Ferreira uthe amaqembu ehlulekile ukukhipha ubufakazi ezinsolweni azibekile.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).