Inkantolo igxeke uMorsi
2012-11-28 16:19
Cairo - INkantolo yoMthethosisekelo eGibhithe isigxeke uMengameli wezwe uMohammed Morsi, ngokuba kwakhe yingxenye yombhikisho obubanjwe ngaphandle kwenkantolo, yathi ubhebhezela ukungaboni ngaso linye phakathi kwezomthetho nabenkolo yamaSulumane.
UMorsi uthukuthelise abomthetho ngesikhathi ebanqinda amandla okuthatha izinqumo emacaleni ahlobene nemithetho yebenkolo yamaSulumane.
Lokhu kwenza kukaMorsi kuqubule udlame, oluqhamuka kubahlali namaqembu aphikisayo.
NgoLwesithathu ekuseni amaphoyisa avulele isisi esikhalisa unyembezi ebhekise kubabhikishi nabo
ebebengazibekile phansi behlasela ngamatshe eTahrir Square, njengoba
izindimbane zabantu beziqhinqile zilindele ukuthi uMorsi ahoxise amandla
azinike wona.
"Ukuba yingxenye yombhikisho okwenziwe ngumengameli kube yisenzo esibuhlungu kakhulu, nesithukuthelise abanye bomthetho. Lokhu kubhebhezela ukubukelwa phansi komthetho," kusho umkhulumeli wenkantolo uMaher Samy.
UMorsi wasayinda phansi enquma ethi izinkantolo engeke zisawathetha
amacala ahlanganisa nemithetho yabenkolo yamaSulumane, waphinde wanquma
ukushicilela uMthethisisekelo omusha.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24
kuTwitter (@IzindabaNews24).
- Reuters