Inhloko entsha yezokhetho eZim

2013-02-20 14:01

Harare - URita Makarau, noyijaji eNkantolo eNkulu eZimbabwe, uzosebenza njengenhloko yokhetho okhethweni oluzayo, kusho uNgqongqoshe wezobuLungiswa uPatrick Chinamasa ngoLwesithathu.

Ukuqokelwa kothile kulesi sikhala kubalulekile ngaphambi kokhetho lokuvotela uMthethosisekelo omusha ngoMashi, nokhetho lukazwelonke olungase lube ngoJulayi.

Lowo obebambe kulesi sikhundla kuZimbabwe Electoral Commission, uSimpson Mutambanengwe, ubeke phansi izintambo ekhala ngempilo engeyinhle.

"UMakarau uzobe ebambe amatomu ezigamekweni ezimbili ezizoba yingqophamlando eZimbabwe," kusho uChinamasa.

Uthe kukuyena ukuthi uyaphindela yini emsebenzini wakhe omdala ngoDisemba.

NgoMsombuluko, uNdunankulu uMorgan Tsvangirai umemezele uJacob Mudenda njengayena muntu ozongena endaweni kaReg Austin, nobeyinhloko yekhomishana yamalungelo abantu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 11-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-26°C Showers late. a mixture of sun and clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...