Ingwenya igxavune ingane ezandleni zikamama wayo

2015-10-26 10:01

Harare – Ingwenya ihlwithe ingane eneminyaka emihlanu ubudala ezandleni zikamama wayo edolobheni iChitungwiza, eZimbabwe, kusho umbiko wephephandaba iStandard.

URuvarashe Matingwina kuthiwa ubedonswa umama wakhe ngesandla bewela umfula begoduka ngesikhathi ingwenya igxavuna umlenze wengane ngoLwesihlanu.

Izingwenya azivamile ukubonakala eHarare naseChitungwiza.

OLUNYE UDABA: Owesilisa ubulale ingwenya eyadla umkakhe okhulelwe

Lesi sigameko kuthiwa senzeke emfuleni ongashoni, lapho "ungalindele khona ukuthi ungabona izingwenya".

Isidumbu sale ngane kuthiwa size satholakala ngoMgqibelo ekuseni.

NgoMashi nonyaka, intombazane, 3, yayabulwa yingwenya igeza eZambezi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...