Indlala idala izimpi eNigeria - Umbiko
2012-07-11 16:28
Paris - Indlala, ukungabi khona kozinzo kanjalo nokungalinganiswa kwabantu, ngezinye zezinto ezidala udlame eNigeria, kusho ithimba elibizwa nge-International Christian-Muslim, ngoLwesithathu.
Impi ephakathi kwabazalwane benkolo yobuKrestu namaSulumane isidlule nemiphefumulo yabantu abangamakhulu khulu, kulo nyaka uwodwa.
Le mpi ithathwa njengenkulu kakhulu kusukela kwabanjwa impi iBosnian War, phakathi kuka 1992-1995.
Kuthiwa impi eqhubekayo umsuka wayo ujule kakhulu kunenkolo lena egqanyiswayo, izazi zithi indlala kanjalo nombango womhlaba nakho kunomthelela omkhulu.
Ithimba elinamalungu angu-12, lihlanganisa abenhlangano iWorld Council of Churches, emelwe ngunobhala jikelele u-Olav Fyske Tveit, waseNorway, iNkosana yaseJordan uGhazi bin Muhammad, usihlalo webhodi iRoyal Aal al-Bayt
Institute for Islamic Thought, namanye amalungu, liyadingida ukuzama ukuthola isixazululo kulezi zimpi eziqhubekayo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Reuters