Imeya yaseN'Djamena ezinsolweni zenkohlakalo
2012-11-13 14:01
N'djamena - IMeya yasehlokodolobha iN'Djamena, eChad, isithathwe ngamaphoyisa ngenhloso yokuthi iphekwe ngemibuzo kulandela izinsolo ezithi iyathinteka enkohlakalweni thizeni, kusho izikhulu.
UDjimet Ibet waqokelwa kwesobuMeya ezinyangeni ezine ezedlule, evotelwa ngabahlali abangaphezu kuka-1 million, kumanje umisiwe emsebenzini wakhe kulandela izinsolo zokuxhaphaza kanye nenkohlakalo.
Isikhulu kuhulumeni u-Issa Djidjie usayine incwadi ephasisa ukuboshwa kuka-Ibet kwathi isikhulu samaphoyisa saqinisekisa ukuboshwa kwakhe.
Aziyona into entsha izenzo zenkohlakalo kosopolitiki baseChad, njengoba leli lizwe lingelinye lamazwe enza kambi kakhulu uma kuqhathaniswa izibalo, amazwe iSomalia, Sudan ne-Equatorial Guinea yiwona mazwe alandele iChad, ekuqhubeni kakhulu inkohlakalo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- AFP