Ikati lilele eziko eZim - Ungqongqoshe
2013-01-30 07:29
Harare - Ngemuva kokukhokhela abasebenzi bakahulumeni imiholo yabo ngesonto eledlule, imali esale ebhange loMbuso eZimbabwe, ibe ngu-R1 900, kusho uNgqongqoshe wezeziMali uTendai Biti.
“Kubi impela njengoba sisele namakinati nje ebhange,” kusho uBiti etshela izintatheli, wathi ezinye zazo zinemali eningi emabhange ukudlula uMbuso.
“Izimali zikahulumeni zishayisa ngamahloni okwamanje. Siyahluleka ukufeza esizibekele kona."
Umnotho waseZimbabwe wafadalala ngeminyaka yawo-2000, ngemuva kokuthi uMengameli Robert Mugabe eqala umkhankaso wokushaqa amapulazi abantu abamhlophe, nokwadikibalisa abatshalizimali.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA