Ifuna idivosi ethole ukuthi umkayo akasiyo intombi nto

2015-09-26 09:30

Harare - Yathuka yoma indoda yaseNkayi eneminyaka engu-37 ubudala  ngemuva kokuzwa ukuthi umkayo akasiyo intombi nto ngesikhathi bekwi-honeymoon njengokusho kwakhe.

UThabiso Mlotshwa ubesethandane noTreffy Mazula  oneminyaka engu-25 ubudala  iminyaka emine ngaphandle kokuzithokozisa ngokocansi.

Endaweni yaseVictoria Fall ngolwehoneymoon iqiniso lavela.

OLUNYE UDABA: Uthi wacishe waphuma iso kubangwa eyomnikelo

UMlotshwa uthi ‘induku’ yakhe yavele yazishibulikela.

UMazula wayelokhu ethi usayitshithsi kanti uMlotshwa uthi ufuna idivosi.

“Ungiphoxile unkosikazi wami ebengimthembe kakhulu. Besesithandane iminyaka engu-4 singalwenzi ucansi kodwa ngosuku lwethu lokuqala kwihoneymoon ‘induku’ yami ivele yakhalakathela phakathi ngokushesha emva kwalokho yenza imisindi engemihle neze, kubika iBulawayo24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...