Idinga usizo ingane eyazalwa ingenayo eyokuzikhulula

2015-09-03 12:31

Kwale – Umndeni waseMwamambi, eKenya, ucela usizo lwemali ekutheni kuhlinzwe ingane yawo eyazalwa ingenayo ibombo yokuzikhulula.

Le ngane yentombazane eneminyaka engu-9 ubudala idinga imali engaphezu kuka-KES 450 000 ukuze izohlinzwa eMombasa Hospital.

Ngokusho kukamama wayo, uMariam Hamadi, le ngane izikhulula ngembobo eyabotshozwa esiswini ngodokotela kusona lesi sibhedlela.

OLUNYE UDABA: Ihlinziwe ingane ezalwe namakhanda amabili

UHamadi uqhube ngokuthi ubaba wale ngane wabashiya ngemuva kokubonakala ukuthi ingane yabo inale nkinga.

“Ngaqala ukubona ukuthi ingane yami inenkinga ngesikhathi ngiyigeza okokuqala, ngase ngiyiphuthumisa esibhedlela,” esho.

“Kumanje ingane yami kumele idle izinhlobo ezithile zokudla, anginayo ngisho imali yokukuthenga.”

Uthi akukho la engaluzamanga khona usizo, kepha akukho okulungayo.

- MyNews24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...