Ibhubhisile iMarburg eUganda
2012-10-25 16:11
Kampala - Isibalo sabantu ababulewe yisifo seMarburg esiqubuke eningizimu-ntshonalanga ne-Uganda sesifinyelele kwisithupha, kusho ihhovisi lezempilo kuleliya lizwe ngoLwesine.
Les isifo sesikapakele ezifundeni ezintathu ezihlanganisa inhlokodolobha iKampala, siqale esifundazweni iKabale ngasekuqaleni kukaMfumfu.
Cishe bangu-200 abantu okukholakala ukuthi sebengenwe yilesi sifo kanti izisulu zingaphansi kweso lokhozi, kusho uNgqongqoshe wezeMpilo uChristine Ondoa kwabezindaba.
Uthe u-10% walabo abangaphansi kweso elibukhali abaseKampala.
Abantu abanalesi sifo baphathwa imfiva, baphalaze, babenobuhlungu emzimbeni, baphathwe yikhanda bophe igazi ngaphakathi.
Isifo seMarburg ne-Ebola zithelelana ngokuthintana kwezilonda ezivulekile, amathe, umchamo nangomjuluko womuntu onaso noma isilwane sasendle, njengezinkawu.
Isifo se-Ebola sishaye kakhulu izigodi ezisentshonlanga ye-Uganda ngasekuqaleni kukaNtulikazi, sashiya kufe abantu abangu-17 kodwa ngoMfumfu izikhulu zezempilo zamemezela ukuthi sesinqotshiwe.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).