Ibhomu libulale 6 eKenya
2012-11-19 07:25
Nairobi - Ibhomu elicekele phansi itekisi engxenyeni yeNairobi egcwele kakhulu abantu baseSomalia, yabulala abantu abayisithupha, nokuqhakambisa ingozi yezokuphepha kulandela ukungenelela kweKenya.
Ukuhlasela ngamabhomu sekuyinsakavukela eKenya, ikakhulukazi eNairobi, iseMombasa naseGarissa.
Lokhu kuhlasela kusolwa ngakho amaphekulazikhuni aseSomalia ngesenzo seKenya sokutshala amasosha ezweni lawo ukuze alwisane ne-al-Shabaab.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters