Ibhantshi ligcwale umoya kwabakwaGupta eLesotho

2015-06-29 11:32

Johannesburg - Ibhantshi ligcwale umoya kwisiqumama sakwaGupta nomshana waso esikhundleni sokuba abeluleki bakaNdunankulu waseLesotho ngokusho kombiko.

Ngokubika kweCity Press lezi ziqumama ziphinde zaphucwa nama-passport ayisipesheli okungena eLesotho.

UNdunankulu waseLesotho uPakalitha Mosisili ukhombe indlela u-Atul Gupta nomshana wakhe u-Essa Omar Aziz njengabeluleki bakhe waphinde wakhansela nama-passport abo kusukela ngo-Agasti.

Okhulumela uMosisili uMotumi Ralejoe utshele iCity Press ukuthi undunankulu ubengasabadingi.

OLUNYE UDABA: Usenkantolo owabulala izinja zikamakhelwane 'ezinesicefe'

“UNdunankulu akasabadingi njengabaluleki bakhe.

UMnyango wezaseKhaya ngakho ubone kungcono ukuthi ubaphuce ama-passprt abo ayisipesheli ngoba ngeke besawasebenzisa ukuza eLesotho.

Uhulumeni wobumbano obusayo eLesotho ubone singasekho isidingo sabo,” esho.

UGupta nomshana wakhe baqashwa yilowo owayenguNdunankulu waseLesotho uTom Thabane owathi wabazi ngoMengameli Jacob Zuma.

Kubikwa ukuthi babeqashelwe ukumaketha iLesotho eMiddle East.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

           - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...