IZimbabwe izodinga usizo lokudla
2012-07-27 14:07
Harare - Abantu ababalelwa ku-1.6 million ebantwini abahlawumbiselwa ku-12 million eZimbabwe bazodinga ukudla uma sekuhlasele isomiso ngenxa yesivuno esingabanga sihle, kusho i-UN World Food Programme ngoLwesihlanu.
Isibalo sesiphezulu ngo-60% manje kunalabo ababedinga ukudla ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule, neningi labo lihlala ezindaweni ezisemaphandleni.
"I-United Nations World Food Programme nesisebenzisana nabo sebemi ngomumo ukwelekelela lapho bengakwazi khona," kusho uMqondisi we-WFP uFelix Bamezon.
"Abasebenzi bethu sebeqalile ukubika ukuthi kukhona ukuntuleka kokudla ezindaweni ezisemakhaya, njengoba eminye imindeni isidayisa imfuyo yayo ukuze iphile."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP