IZimbabwe iyahluleka ukondla izakhamuzi - Ungqongqoshe

2015-10-19 14:36

Bulawayo – ISekela likaMengameli waseZimbabwe, u-Emmerson Mnangagwa, kubikwa ukuthi uthe uhulumeni uyehluleka ukondla izakhamuzi njengoba izwe liqhubeka nokubhuqwa yindlala.

Ngokusho kombiko weSouthern Eye, uMnangagwa uthe ihulumeni oholwa yiZanu-PF ubhekene nezingqinamba ezinkulu zokusiza abantu ababalelwa ku-600 000 ababheke uhulumeni ngokuya esiswini.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi ngo-Agasti iWorld Food Programme (WFP) yathi babalelwa ku-1.5 million abantu baseZimbabwe abazobhuqwa yindlala kulo nyaka kulandela ukwehla kwezinga lokukhiqizwa kombila.

OLUNYE UDABA: Kubhoke indlala eZimbabwe

Imibiko iveze ukuthi iZimbabwe idinga okungenani amathani angu-700 000 ombila emazweni angomakhelwane ukuze isizakale kule nkinga ebhekene nayo, okuthiwa kuzobiza leli lizwe elihlwempu imali ebalelwa ku-$224m.

UMnangagwa uthi okwamanje bakwazile ukuthola umbila eZambia.

“Uhulumeni usematasa uyakhothoza kwamanye amazwe ukuba afake itshe esivivaneni ukuze abantu bangabulawa yindlala,” kucashunwa uMnangagwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...