IZimbabwe idinga imali yoMthethosisekelo

2013-02-19 12:02

Harare - Izikhulu ezweni laseZimbabwe zingase ziboleke imali ezinkampanini ezizimele, ngenhloso yokuthi kutholakale imali engu-$100 million, kuze kuzohlanganiswa ngendlela uMthethosisekelo wezwe, kusho uNdunankulu wezwe uMorgan Tsvangirai.

IPhalamende kulindeleke ukuthi livote ngenyanga kaMashi, bese kubonakala ukuthi uyaqala yini ukusebenza lo Mthethosisekelo onesikhathi eside ulindelekile.

Izimbangi uTsvangirai noMengameli wezwe uRobert Mugabe, bangena kuhulumeni wokubambisana, ngemuva kokhetho lwango-2008, olwaba nemiphumela yodlame.

Amaqembu anquma ukuthi kudwetshwe kabushwa uMthethosisekelo wezwe.

UTsvangirai uthi uhulumeni kungenzeka aboleke imali ezinkampanini ezingaphakathi ezweni, kuze kuzophumeleliswa uMthethosisekelo.

"Kunohlelo oluzosetshenziswa lokuzama ukuqongelela imali. Ingase ibolekwe ezinkampanini ezizimele nasembonini yezimayini," kusho uTsvangirai, etshela abezindaba.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 12-23°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...