IZim izothumela amasosha eDRC
2012-12-13 16:35
Harare - IZimbabwe izothumela amasosha ayo, ezweni laseDemocratic Republic of Congo, ngaphansi kohlelo lokuzama ukuletha ukuthula emngceleni, kusho izikhulu ngoLwesine.
UNobhala eMnyangweni wezangaPhandle uJoey Bimha, utshele izindaba ze-AFP wathi amasosha azohlala eDRC, isikhathi esingunyaka, wathi lokhu kungumyalelo weSouthern African Development Community (SADC) .
Okwamanje asikazeki isibalo samasosha azothunyelwa, nokho kuthiwa angaba ngamakhulu kuya enkulungwaneni.
"Kusahlanganiswa amakhanda ngalolu daba lwamasosha azothunyelwa,” kusho uBimha.
Abaholi beSADC bavumelane ngokuthi kuthunyelwe amasosha angu-4 000 ukuthi ayokwelekelela njengoba oshayasibhamu beqembu i-Tutsi M23, bebhilitile, ikakhulu edolobheni iGoma.
Izindleko zokuthumela amasosha zizophuma kwi-SADC.
"Uhulumeni waseDRC usethembise ukwelekelela ngemali engu-$10 million, umsebenzi usuwonke uzodla u-$100 million." Kusho uBimha.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).