IZambia isashaqekile ngengozi yebhasi
2013-02-08 07:26
Lusaka - Kushone abantu abangu-53 ngesikhathi kutholana phezulu ibhasi neloli eZambia, kusho uhulumeni, nokuyisibhicongo sengozi yomgwaqo esingakaze sabonwa ezweni.
Leli bhasi ebelimumethe abantu abangu-73 lishayisane neloli ebiza ngaphambili, enyakatho neLusaka.
"Ngingaqinisekisa ukuthi kushone abantu abangu-53 kule ngozi," kusho uHarry Kalaba, noyisikhulu eHhovisi likaSekela Mengameli.
Izimoto ezibandakanyeke kule ngozi bezidla amagalani, kusho uKalaba.
Ibhasi lenkampani iZambia Postal Service belithutha la bantu libasusa esifundazweni iCopperbelt libayisa eLusaka.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA