IZambia ikwamukele ukuxolisa kweSafa

2012-11-16 12:01

Johannesburg - Umengameli weFootball Association of Zambia uKalusha Bwalya uthe labo shampeni base-Afrika basamukele isixoliso sezikhulu zaseNingizimu Afrika kulandela ukushaywa kwebhasi labadlali eGoli.

UBwalya ngoLwesihlanu uthe "asikhohlweni ngalesi sigameko ukuze siqikelele ekunakeni umdlalo webhola lezinyawo omuhle kakhulu."

Kulesi sigameko kwalimala abadlali ababili baseZambia ngesikhathi abafana ababili bejikijela ibhasi labo ngamatshe ngemuva kokuguqisa iBafana Bafana ngo 1-0.

Amaphoyisa abe esebopha abafana ababili abaneminyaka engu-12 no-13 ubudala, nabadedelelwa esandleni sabazali.

Umengameli weSouth African Football Association uKirsten Nematandani uxolisile ngalesi senzo "esiyihlazo" ngaphambi kokuthi leli lisingathe i-African Cup of Nations ngonyaka ozayo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-19°C Rain. Morning clouds. Pleasantly warm. Pta: 18-33°C Mostly sunny.
Jhb: 17-27°C More sun than clouds. Bloem: 16-33°C Rain early. More sun than clouds. .
Dbn: 19-24°C Rain late. More sun than clouds. . PE: 17-22°C Afternoon clouds.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...