ITogo isithumele amanye amasosha eMali

2013-01-23 10:03

Lome -  ITogo isiyandise isibalo samasosha athunyelwe eMali, afinyelela ku-733, esuka ku-500, lokhu kwenziwe njengenxenye yohlelo lwamazwe ase-Afrika lokwelekelela iMali emiswe kambi ngamaphekula.

"Kunesibalo esisha samasosha azothunyelwa eMali, alinganiselwa ku-96, asevele ahambile ngoLwesibili," kusho okhulumela umbutho uColonel Djibril Inoussa, etshela abezindaba ze-AFP.

Kungokwesibili iTogo ithumela amasosha eMali, esikhathini esiyisonto.

Amasosha angu-40 aseTogo atheleka emali ngoLwesine, eyosebenzisana namanye amasosha ahlanganisa awaseFrance, alwisana namavukelambuso angamaSulumane.

IMali eyabe ingaphansi kwengcindezelo yaseFrance, iqale ukuthola usizo oluvela khona eFrance, esikhathini esiyizinyanga eziyishumi ezedlule, ngesikhathi amaphekula edla umhlaba.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...