ISwazini iphika eyokuvala izigqebhe

2012-12-28 12:14

Mbabane - Izwe laseSwazini liphike lalala ngomhlane ukuthi likuvalile ukugqokwa kwezigqebhe, izikibha ezincane namabhulukwe aveza ukhalo, kusho okhulumela uhulumeni uPercy Simelane.

“Uhulumeni akaze nangelilodwa ilanga anqume into efana naleyo noma athi akuboshwe umuntu ogqoke isigqebhe," esho.

Uthe uSection 28 (1,2 & 3) weNational Constitution of the Kingdom of Swaziland (2005) uyawavikela amalungelo abantu besifazane kuleliya lizwe ngakho abasoze baphasisa into efana naleyo.

“Noma ngabe yimuphi umthetho ophambana noMthethosisekelo ngeke siwuphasise njengoba kucaciswa kuSection 2 [1].”

Abezindaba baseSwazini ngoMsombuluko babika ukuthi amaphoyisa avale abesifazane ekugqokeni izigqebhe, izikibha ezincane namabhulukwe aveza ukhalo ngoba ethi agqugquzela izigameko zokudlwengulwa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Decreasing cloudiness. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. Broken clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...