ISudan ithi yoyo ehlasele emngceleni
2012-11-22 07:54
Khartoum - Amasosha aseSudan aseqinisekise ukuthi ahlasele indawo engasemngceleni waseSouth Sudanese, la kuqhinqe khona amavukela mbuso eDarfur, iSouth Sudan ithi isola iKhartoum, ngalokhu kuhlasela.
"Sihlasele e Al-Regaibat, okuyindawo ebuqamama ngo-40km nenhla nomngcele waseSouth Sudan, ehlehle ngo-10km nenhla neSamaha," kusho umkhumeli wamasosha uSawarmi Khaled Saad, esitatimendeni esibhalwe phansi.
Ukuhlasela lokhu kuletha ukukhathazeka ngezinhlelo zokuphepha kanjalo nokuhanjiswa kukawoyela.
Ngenyanga kaSepthemba abaholi baseSudan nase S Sudan, baba nesivumelwano ekwabe kuhloswe ngaso ukuqeda udlame.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).