INigeria ibuyisele odokotela abaxoshwa

2012-06-01 11:28
Yabelani Shicilela

Lagos - Izikhulu ezweni iNigeria zibuyisele emsebenzini odokotela abangu-788 abaxoshwa emsebenzini kulandela ukuba sesitelekeni samaholo ekuqaleni kwenyanga kaMeyi, kusho umbiko.

Odokotela abaxoshwa bahlanganisa ochwepheshe bezifo ezinhlobonhlobo, kuthiwa babamba isiteleka esingavumelekile mhlaka 16 Ephreli.

Isikhulu sikahulumeni enhlokodolobha iLagos uBabatunde Raji Fashola uthi odokotela bazobuyiselwa emsebenzini kulandela izikhalazo ezivela kosopolitiki nenzinhlanganio zomphakathi.

"Angeke uzishaye indiva lezi zikhalo zabantu," esho ekhuluma kumabonakude.

Usihlalo weNigerian Medical Association uDokotela Edamisan Temiye, uthi ubengakezwa lutho ngokubuyiselwa emsebenzini kodokotela.
 
"Besingakaziswa ngokusemthethweni, ngizwe nje izindaba njengabanye abantu nami," kusho uTemiye.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Sunny. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...