IMelika isabela impilo kaLeigh waseGambia

2013-01-08 13:01

Banjul - IMelika izwakalise ukukhathazeka okukhuku ngokuphepha komholi wezenkolo eGambia, owaziwa ngokuth uyazikhulumela, u-Imam Baba Leigh, oboshwe ngenyanga edlule, nokumanje uvalelwe.

Lomfundisi waboshwa ngomhlaka-3 Disemba, ngemuva kokugxeka uMbuso kaMengameli uYahya Jammeh, ngemuva kokunika abantu abangu-9 isigwebo sentambo ngonyaka odlule.

"IMelika ikhathazekile ngesimo senhlalo nokuphepha kukaBaba Leigh", kusho ihhovisi lenxusa laseMelika eBanjul.

"U-Imam Baba Leigh namanje akakabhekani namacala akhe futhi nomndeni wakhe awuvunyelwe ukuthi umvakashele," kusho ihhovisi.

"Sicela bonke abathintekayo bahlinzeke umndeni ngethuba lokuvakashela uBaba Leigh nokuthi bamphathe ngendlela ehambisana nemithetho yaseGambia kanye nehambisana neyamalungelo amazwe omhlaba.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...