IMelika igxeke ushwele kowaseSudan

2013-02-12 12:03

Khartoum - IMelika isigxeke kambi izwe laseSudan, ngokunika ushwele isiboshwa esasiza ekweqeni kweziboshwa ezine ezabe ziboshelwe ukubulala abasebenzi ababili ababesebenza ezindlini zenxusa laseMelika.

Ukunikwa ushwele kukaMubarak Mustafa, kuphambene nokuzibophezela kweSudan, eyathi izokwenza noma yini ukuqinisekisa ukuthi bayajeza abathintekayo kulesi senzo sobubi, kusho isitatimende senxusa laseMelika.

UJohn Granville, owabe esebenza ezindlini zenxusa, ngaphansi kwe-US Agency for International Development (USAID), kanye nomshayeli wakhe u-Abdelrahman Abbas Rahama, badutshulwa ngemvula yezinhlamvu, mhla lulunye kuJanuwari 2008.

Ababulali babo kanye nabanye ababili ekwatholakala ukuthi bayathinteka, bagwetshwa udilikajele ngo-2009 kodwa beqa ejele ngo-2010.

Umsolwa oyedwa wabanjwa, omunye kukholakala ukuthi wabulawa eSomalia ngoMeyi 2011.

"UMubarak Mustafa walahlwa yicala lokusiza la madoda ngesikhathi eqa."



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Mostly sunny. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-20°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-19°C Showery. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...