IMali ihlabe usizo lwamazwe
2012-11-26 12:03
Bamako - Amaqembu ezepolitiki awumbimbi eMali kanye nenhlangano yezakhamuzi esendaweni ephethwe amaSulumane enyakatho, banqabe iqhaza le-Algeria neBurkina Faso lokuxazulula izinxushunxushu zakuleliya lizwe.
UMengameli waseBurkina Faso uBlaise Compaore waqokwa yi-Economic Community of West African States (Ecowas) njengomxazululi ezinkingeni ezibhekene nelaseMali.
UCompaore kanye nabaholi be-Algeria, babe nezingxoxo namavukelambuso kanye nama-Islamic abaphethe iMali, kodwa abanye bathi bavuna kakhulu amaqembu amasosha.
I-Union of Patriotic Democrats for the End of the Crisis (ADPS) - okungamaqembu epolitiki akhe umbimbi kanye nenhlangano - bazwakalise ukungamfuni uhulumeni waseMali ezingxoxweni..
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- AFP