IMalawi iyilungele imibhikisho

2013-01-17 14:06

Blantyre - Amaphoyisa aqapha udweshu emphakathini ahlome ayizingovolo emigwaqeni esemadolobheni amakhulu eMalawi njengoba kulindeleke kube nombhikisho omelene noshintsho olunqala lokuzama ukwenza ngcono umnotho wezwe ukuze baphinde bakwazi ukuheha abatshalizimali.

EBlantyre naseMzuzu abazibonele bathi amaphoyisa atshalwe kuyona yonke imigudu okulindeleke ukuthi ababhikishi bayisebenzise.

ELilongwe nakhona kulindeleke ukuthi ababhikishi baphume ngobuningi babo.

Iningi labantu baseMalawi lithi kuzwela kakhulu kubona mayelana noshintsho kwezomnotho, noluhlongozwe nguMengameli Joyce Banda.

Lolu shintsho kuthiwa lwesekwa yi-International Monetary Fund.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-25°C Scattered showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 14-22°C a few showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-30°C Afternoon clouds. Warm. PE: 18-23°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...