ILiberia ikwamukele ukuqedwa konswinyo
2012-07-26 07:20
Monrovia - Uhulumeni waseLiberia usamukele isinqumo se-United Nations sokuqeda unswinyo obelubhekiswe ebantwini abangu-17 kuleliya lizwe ababemataniswa noCharles Taylor.
“Ukuqedwa konswinyo siyakwamukela,” kusho uNgqongqoshe wezangaPhandle u-Augustine
Naguafan, ekhuluma esiteshini somsakazo ngemuva kokuthi i-UN yenze lesi siphakamiso eNew York.
Unswinyo lokuvakasha lwamenyezelwa ngo-2001 ngesikhathi kuzanywa ukubamba uTaylor, nodonsa isigwebo seminyaka engu-50 ejele ngokuba ngungqondongqondo empini yomkhaya eyaba seSierra
Leone.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP