IKenya ibhiyoze kanye no-Obama
2012-11-07 12:05
Washington - UMengameli waseMelika uBarack Obama unqobe ukhetho wathatha ihlandla lesibili eseWhite House ngesikhathi ehlula lowo obemphonsele inselelo owamaRepublican uMitt Romney.
IMelika ikhethe ukuqokela esikhundleni futhi u-Obama, noyilungu lamaDemocrats.
IKenya, nokuyilapho azalwa khon u-Obama ibilokhu isezithendeni zakhe ngokumeseka ngaphambi kokhetho.
U-Obama utshele abalandeli bakhe abebechwaza yinjabulo
ukuthi "kusekuningi okuhle okuzayo" ezweni njengoba enqobe ihlandla
lesibili equmba phansi imbangi yakhe uMitt Romney.
Ekhuluma
ekomkhulu lomkhankaso eChicago, u-Obama
uthe ukhulume noRomney ngocingo lapho ebemhalalisela khona ngokunqoba
kwakhe, wathi basazoqhubeka nokusebenzisana benalo mholi
waseMassachusetts.
"Silwe saze sabukana sifuna ukunqoba," kusho u-Obama, "lokho bekungenxa yokuthi siyalithanda leli lizwe."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters