IGibhithe neHammas bafinyelele esivumelwaneni

2011-06-08 11:32

Gaza City - Umngcele iRafah ophakathi kweGibhithe neGaza Strip uvuliwe ngoLwesithathu, nokuqeda ukungaboni ngaso linye phakathi kwezikhulu zaseGibhithe nezaseHammas nokuholele ekutheni lomngcele uvalwe izinsuku ezine.

Esitatimendeni, lowo oyimenenja yomngcele eHammas, u-Ayub Abu Shaar, uthe lo mngcele uvulwe emuva kwesivumelwane phakathi kwabo neGibhithe.

"Lo mngcele usebenza ngokujwayelekile namhlanje," enezezela.

Lo mngcele wavalwa ngoJuni 4, ngesikhathi izikhulu zaseGibhithe zimemezela ukuthi uvalwe.

Izikhulu zasePalestine eziseGaza zakhala ngokuthi azizange zaziswe kusenesikhathi ukuthi lo mngcele uzovalwa.

- Sapa - AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Morning clouds. Cool. Pta: 9-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 5-18°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...